BACK TO THE HOMEPAGE           VOLUNTEER FOR US!
  LONWEB PARALLEL TEXTS

 

 

 

 

 

ZULU

 
 

 

UMBHALO OGCWELE WOGUNYAZO LWAMALUNGELO OLUNTU JIKELELE UNIVERSAL DECLARATION
OF HUMAN RIGHTS

Isandulelo

Ngokunjalo ukwamukelwa ngokuzuzwa kwesithunzi samalungelo alinganayo najwayelekile awowonke amalunga omndeni wesintu kuyisisekelo senkululeko, sobulungiswa noxolo emhlabeni,

Preamble

Whereas recognition of the inherent dignity and of the equal and inalienable rights of all members of the human family is the foundation of freedom, justice and peace in the world,

Ngokunjalo ukunganakwa nokwedelelwa kwamalungelo esintu kube nomphumela wezenzo zobuqaba eseziqede unembeza kubantu, kanye nomhlaba obhekwe isintu ukuba senamele inkululeko yokukhuluma nokukholwa, inkululeko yokungesabi futhi nokufuna kugunyazwe ugqozi kubobonke abantu, Whereas disregard and contempt for human rights have resulted in barbarous acts which have outraged the conscience of mankind, and the advent of a world in which human beings shall enjoy freedom of speech and belief and freedom from fear and want has been proclaimed as the highest aspiration of the common people,
Ngokunjalo kudingekile, uma umuntu engenakuphoqwa ukulandela umgudu othize, njengendlela yokugcina, avukele ababusi nabacindezeli, ukuze amalungelo esintu avikelwe ngokubusa ngomthetho, Whereas it is essential, if man is not to be compelled to have recourse, as a last resort, to rebellion against tyranny and oppression, that human rights should be protected by the rule of law,
Ngokunjalo kudingekile ukuba kwenyuswe ukuthuthukiswa kobungane nobudlelwane phakathi kwezizwe, Whereas it is essential to promote the development of friendly relations between nations,
Ngokunjalo abantu beNhlangano yeZizwe bayinqinisile inkolo yabo yengqalasizinda yamalungelo oluntu kuCharter, esithunzini nobuntu emalungelweni alinganayo abesilisa nabesifazane futhi bazimisele ukuqhubela phambili inqubekelaphambili yomphakathi namazinga angcono empilo enkululekweni ethe xaxa, Whereas the peoples of the United Nations have in the Charter reaffirmed their faith in fundamental human rights, in the dignity and worth of the human person and in the equal rights of men and women and have determined to promote social progress and better standards of life in larger freedom,
Ngokunjalo aMalunga eMibuso azibophezele mathupha ukuthuthukisa, ngokubambisana neNhlangano yeZizwe, ukuthuthukiswa kwenhlonipho emhlabeni wonke nokuqashelwa kwamalungelo oluntu nengqalasizinda yenkululeko, Whereas Member States have pledged themselves to achieve, in cooperation with the United Nations, the promotion of universal respect for and observance of human rights and fundamental freedoms,
Ngokunjalo ukuqondwa kahle ngokufanayo kwalamalungelo nenkululeko kubaluleke kakhulu ukuze lokhu kuzibophezela kuqashelwe, Whereas a common understanding of these rights and freedoms is of the greatest importance for the full realization of this pledge, Now, therefore,
MANJE, NGAKHOKE UMGWAMANDA

UNQUMA uGunyazo lwaMalungelo oLuntu Jikelele njengezinga elifanayo lokuthuthukiswa kwabantu nezizwe zonke, ekugcineni okuzokwenza ukuthi umuntu ngamunye kunoma isiphi isigaba somphakathi ngokugcina lolawulo emqondweni baphokophelele ngokufundisa nangemfundo ukuphakamisa inhlonipho yalamalungelo nenkululeko futhi nangenqubekelaphambili, ezweni noma emhlabeni jikelele, baqinisekise ukwamukelwa okuvumelekile nokuqashelwa jikelele ndawozombili phakathi kwabantu baMalunga eMibuso qobo lwabo kanye nabantu abangaphansi kwemibuso yabo.

THE GENERAL ASSEMBLY, proclaims

this Universal Declaration of Human Rights as a common standard of achievement for all peoples and all nations, to the end that every individual and every organ of society, keeping this Declaration constantly in mind, shall strive by teaching and education to promote respect for these rights and freedoms and by progressive measures, national and international, to secure their universal and effective recognition and observance, both among the peoples of Member States themselves and among the peoples of territories under their jurisdiction.

Isigaba 1

Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye.

Article 1

All human beings are born free and equal in dignity and rights. They are endowed with reason and conscience and should act towards one another in a spirit of brotherhood.

Isigaba 2

Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo, ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi-ke nje esinye isimo.

Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe, ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe.

Article 2

Everyone is entitled to all the rights and freedoms set forth in this Declaration, without distinction of any kind, such as race, colour, sex, language, religion, political or other opinion, national or social origin, property, birth or other status.

Furthermore, no distinction shall be made on the basis of the political, jurisdictional or international status of the country or territory to which a person belongs, whether it be independent, trust, non-self-governing or under any other limitation of sovereignty.

Isigaba 3

Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha.

Article 3

Everyone has the right to life, liberty and security of person.

Isigaba 4

Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke.

Article 4

No one shall be held in slavery or servitude; slavery and the slave trade shall be prohibited in all their forms.

Isigaba 5

Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi.

Article 5

No one shall be subjected to torture or to cruel, inhuman or degrading treatment or punishment.

Isigaba 6

Wonke umuntu unelungelo lokwemukelwa nomaphi njengomuntu phambi komthetho.

Article 6

Everyone has the right to recognition everywhere as a person before the law.

Isigaba 7

Sonke siyalingana phambi komthetho futhi kufanele umthetho usivikele ngokulinganayo ngale kokubandlulula. Sonke kufanele sivikelwe ngokulinganayo ekubandlululweni, ngokungagcinwa kwaloluGunyazo futhi nasekukhuthazweni kwanoma luhloboluni lobandlululo.

Article 7

All are equal before the law and are entitled without any discrimination to equal protection of the law. All are entitled to equal protection against any discrimination in violation of this Declaration and against any incitement to such discrimination.

Isigaba 8

Wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo oluyilo ezinkantolo ezibekiwe ngezenzo ezephula isisekelo samalungelo anikezwe wona umthethosisekelo noma umthetho.

Article 8

Everyone has the right to an effective remedy by the competent national tribunals for acts violating the fundamental rights granted him by the constitution or by law.

Isigaba 9

Akekho oyoboshwa, avelelwe noma adingiswe ngokungekho emthethweni.

Article 9

No one shall be subjected to arbitrary arrest, detention or exile.

Isigaba 10

Wonke umuntu kumele alalelwe obala ngokulingana okugcwele nangeqiniso, inkantolo engavuni futhi ezimele, ekutholweni kwamalungelo akhe nezimiselo zakhe noma ngabe iliphi icala abekwe lona.

Article 10

Everyone is entitled in full equality to a fair and public hearing by an independent and impartial tribunal, in the determination of his rights and obligations and of any criminal charge against him.

Isigaba 11

  1. Wonke umuntu obekwe icala elidinga isijeziso unelungelo lokuthathwa njengomsulwa kuze kutholakale ukuthi impela unecala ngokomthetho enkantolo evulekile lapho enikwe iziqiniseko ezidingekile zokuzivikela.
  2. Akekho oyotholwa enecala ngecala elidinga isijeziso ngenxa yanoma isiphi isenzo noma iphutha elalingelona icala elidinga isijeziso ngaphansi komthetho wezwe noma kazwelonke, ngenkathi lenzeka. Noma anikwe isijeziso esinzinyana kunaleso esasifanele ngenkathi kwenzeka lelocala.

Article 11

  1. Everyone charged with a penal offence has the right to be presumed innocent until proved guilty according to law in a public trial at which he has had all the guarantees necessary for his defence.
  2. No one shall be held guilty of any penal offence on account of any act or omission which did not constitute a penal offence, under national or international law, at the time when it was committed. Nor shall a heavier penalty be imposed than the one that was applicable at the time the penal offence was committed.

Isigaba 12

Akekho okuyogaxekwa, ngokungemthetho ezindabeni zakhe zangasese, emndenini, ekhaya noma ezincwadini azithumelayo nazitholayo, noma ukuhlaselwa kwesithunzi nokuhlonipheka kwakhe. Wonke umuntu unelungelo lokuvikelwa kulokho kuhlaselwa nokugxambukela.

Article 12

No one shall be subjected to arbitrary interference with his privacy, family, home or correspondence, nor to attacks upon his honour and reputation. Everyone has the right to the protection of the law against such interference or attacks.

Isigaba 13

  1. Wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngenkululeko nokuhlala phakathi kwemingcele ezungeze imibuso ehlukene.
  2. Wonke umuntu unelungelo lokushiya izwe lakhe, futhi abuye abuyele kulo.

Article 13

  1. Everyone has the right to freedom of movement and residence within the borders of each State.

  2. Everyone has the right to leave any country, including his own, and to return to his country.

Isigaba 14

  1. Wonke umuntu unelungelo lokucela ukuhlala akhosele kwamanye amazwe ebalekela ukuphathwa kabuhlungu.
  2. Lelilungelo alinakusetshenziselwa ukubalekela ukushushiswa okufanele okuvela ngamacala angahlangene nezombangazwe noma ngezenzo ezingqubuzana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe.

Article 14

  1. Everyone has the right to seek and to enjoy in other countries asylum from persecution.
  2. This right may not be invoked in the case of prosecutions genuinely arising from non-political crimes or from acts contrary to the purposes and principles of the United Nations.

Isigaba 15

  1. Wonke umuntu unelungelo lobuzwe.
  2. Akekho oyokwenqatshelwa ngokungemthetho noma ancishwe ilungelo lokuguqula ubuzwe bakhe.

Article 15

  1. Everyone has the right to a nationality.
  2. No one shall be arbitrarily deprived of his nationality nor denied the right to change his nationality.

Isigaba 16

  1. Abesilisa nabesifazane asebeneminyaka efanele yobudala banelungelo lokuganana bakhe unmdeni, ngale kwezihibe zobuhlanga, ubuzwe noma inkolo. Kufanele babenamalungelo alinganayo ngokomshado, ngenkathi beshadile noma usuhlakazekile umshado.
  2. Umshado kuyongenwa kuwo kuphela ngenkululeko nangemvume ephelele yalabo abashadayo.
  3. Umndeni uyimvelo nesizinda somphakathi okufanele uvikelwe umphakathi noMbuso.

Article 16

  1. Men and women of full age, without any limitation due to race, nationality or religion, have the right to marry and to found a family. They are entitled to equal rights as to marriage, during marriage and at its dissolution.

  2. Marriage shall be entered into only with the free and full consent of the intending spouses.
  3. The family is the natural and fundamental group unit of society and is entitled to protection by society and the State.

Isigaba 17

  1. Wonke umuntu unelungelo lobunikazi bempahla eyedwa noma ehlanganyele nabanye.
  2. Akekho oyokwephucwa ngokungekho emthethweni impahla yakhe.

Article 17

  1. Everyone has the right to own property alone as well as in association with others.
  2. No one shall be arbitrarily deprived of his property.

Isigaba 18

Wonke umuntu unelungelo lokucabanga ngenkululeko, unembeza nenkolo, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokuguqula ukholo noma inkolelo noma ngabe eyedwa noma nabanye emphakathini, obala noma ngasese, ukucacisa inkolo noma ukukholwa kwakhe ngokufundisa, ngokwenza, nokukhonza nangokulandela. 

Article 18

Everyone has the right to freedom of thought, conscience and religion; this right includes freedom to change his religion or belief, and freedom, either alone or in community with others and in public or private, to manifest his religion or belief in teaching, practice, worship and observance.

Isigaba 19

Wonke umuntu unelungelo lokuveza umbono ngenkululeko, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokubeka imibono ngaphandle kokuthikanyezwa, futhi nokuthungatha, ukwamukela nokukhipha ulwazi nemiqondo nganoma iyiphi indlela yokusakaza ngale kwezihibe.

Article 19

Everyone has the right to freedom of opinion and expression; this right includes freedom to hold opinions without interference and to seek, receive and impart information and ideas through any media and regardless of frontiers.

Isigaba 20

  1. Wonke umuntu unelungelo lokuhlanganyela ngokukhululeka embuthanweni woxolo.
  2. Akekho oyophoqwa ukuba yilunga lenhlangano.

Article 20

  1. Everyone has the right to freedom of peaceful assembly and association.
  2. No one may be compelled to belong to an association.

Isigaba 21

  1. Wonke umuntu unelungelo lokubamba iqhaza kuhulumeni wezwe lakhe, ngokwakhe ngqo noma ngabakhulumeli abakhethwe ngokukhululekile.
  2. Wonke umuntu unelungelo elilinganayo lokuthola usizo lomphakathi olufanayo ezweni lakhe.
  3. Intando yabantu yiyo eyoba isizinda segunya likahulumeni. Lentando iyovezwa okhethweni lwempela ngezikhathi ezithile oluyoba ujikelele futhi lufane ndawozonke. Luyokwenziwa ngokhetho oluyimfihlo noma ngenqubo yokhetho olukhululekile.

Article 21

  1. Everyone has the right to take part in the government of his country, directly or through freely chosen representatives.
  2. Everyone has the right to equal access to public service in his country.
  3. The will of the people shall be the basis of the authority of government; this will shall be expressed in periodic and genuine elections which shall be by universal and equal suffrage and shall be held by secret vote or by equivalent free voting procedures.

Isigaba 22

Wonke umuntu, njengelunga lomphakathi, unelungelo lukuphepha emphakathini futhi kufanele aziwe, ngemizamo yezwe nokubambisana kukazwelonke futhi nangokuhambisana nezinhlangano nemithombo yeMibuso ehlukene, kwezomnotho, amalungelo amasiko nenhlalo angenakulahlwa ngesithunzi sakhe nokuthuthukisa ubuyena ngenkululeko.

Article 22

Everyone, as a member of society, has the right to social security and is entitled to realization, through national effort and international co-operation and in accordance with the organization and resources of each State, of the economic, social and cultural rights indispensable for his dignity and the free development of his personality.

Isigaba 23

  1. Wonke umuntu unelungelo lokusebenza, nokuzikhethela ngenkululeko umsebenzi, nezimo zomsebenzi ezivunelekile nezilungile futhi nokuvikelwa uma elahlekelwe umsebenzi.
  2. Wonke umuntu, ngaphandle kokubandlululwa, unelungelo lokuhola imali efanayo ngomsebenzi ofanayo.
  3. Wonke umuntu osebenzayo unelungelo lomholo ofanele novumelekile ukuqinisekisa ubukhona besithunzi sobuntu bakhe nomndeni wakhe, kulekelelwa, uma kundingekile, ezinye izindlela zokuvikeleka komphakathi.
  4. Wonke umuntu unelungelo lokubumba noma lokuba ilunga lenyunyana ukuze kuvikeleke izidingo zakhe.

Article 23

  1. Everyone has the right to work, to free choice of employment, to just and favourable conditions of work and to protection against unemployment.

  2. Everyone, without any discrimination, has the right to equal pay for equal work.
  3. Everyone who works has the right to just and favourable remuneration ensuring for himself and his family an existence worthy of human dignity, and supplemented, if necessary, by other means of social protection.
  4. Everyone has the right to form and to join trade unions for the protection of his interests.

Isigaba 24

Wonke umuntu unelungelo lokuphumula nokungcebeleka, kuhlangene nemikhawuko yamahora okusebenza, namakhefu akhokhelwayo ezikhathini ezithize.

Article 24

Everyone has the right to rest and leisure, including reasonable limitation of working hours and periodic holidays with pay.

Isigaba 25

  1. Wonke umuntu unelungelo lezinga lempilo nenhlalakahle eyenelisayo yakhe nomndeni wakhe, khuhlangene nokudla, okokwembatha, izindlu, ukunakekelwa ngezokwelashwa kanye nemisebenzi yomphakathi, nelungelo lokuvikeleka uma engasebenzi, egula, ekhubazeka, eshonelwa, eguga noma-ke ikuphi ukukhubazeka okungamehlela ngesimo angenamandla okusinqanda.
  2. Omama nabantwana kumele banakekelwe futhi balekelelwe ngokunqala impela. Bonke abantwana noma bezalwe ngaphandle komshado bayothola ukuvikelwa okufanayo emphakathini.

Article 25

  1. Everyone has the right to a standard of living adequate for the health and well-being of himself and of his family, including food, clothing, housing and medical care and necessary social services, and the right to security in the event of unemployment, sickness, disability, widowhood, old age or other lack of livelihood in circumstances beyond his control.

  2. Motherhood and childhood are entitled to special care and assistance. All children, whether born in or out of wedlock, shall enjoy the same social protection.

Isigaba 26

  1. Wonke umuntu unelungelo lemfundo. Imfundo iyotholakala ngesihle, okungenani emabangeni aphansi ayingqalasizinda. Imfundo eyisingeniso iyoba ngeyempoqo. Imfundo yobuchwepheshe neyenzululwazi iyokwenziwa ibe khona ngokwejwayelekile bese kuthi imfundo ephakeme itholakale kubobonke ngobunjalo babo.
  2. Imfundo iyoqonda ekuthuthukiseni ubuntu ngokugcwele nasekuqiniseni inhlonipho yamalungelo abantu nengqalasizinda yenkululeko. Iyothuthukisa ukuzwana, ukubekezelelana nobungane phakathi kwezizwe, kwamaqembu ezinhlanga nezenkolo, futhi iyoqhubela phambili imikhankaso yeNhlangano yeZizwe ekugcineni uxolo.
  3. Abazali banelungelo lokuqala lokukhetha uhlobo lwemfundo eyonikezwa abantwana babo.

Article 26

  1. Everyone has the right to education. Education shall be free, at least in the elementary and fundamental stages. Elementary education shall be compulsory. Technical and professional education shall be made generally available and higher education shall be equally accessible to all on the basis of merit.

  2. Education shall be directed to the full development of the human personality and to the strengthening of respect for human rights and fundamental freedoms. It shall promote understanding, tolerance and friendship among all nations, racial or religious groups, and shall further the activities of the United Nations for the maintenance of peace.
  3. Parents have a prior right to choose the kind of education that shall be given to their children.

Isigaba 27

  1. Wonke umuntu unelungelo elikhululekile lokuzimbandakanya empilweni yamasiko omphakathi, athokozele amakhono, ahlomule entuthukweni yezesayensi nasezinzuzweni zayo.
  2. Wonke umuntu unelungelo lokuvikeleka kwezifiso ezisemqoka ezingumphumela womkhiqizo wezobusayensi, wombhalo okukanye wekhono elithize abengumsunguli wako.

Article 27

  1. Everyone has the right freely to participate in the cultural life of the community, to enjoy the arts and to share in scientific advancement and its benefits.

  2. Everyone has the right to the protection of the moral and material interests resulting from any scientific, literary or artistic production of which he is the author.

Isigaba 28

Wonke umuntu emphakathini nasemhlabeni kumele athole lamalungelo nenkululeko echazwe kuloluGunyazo.

Article 28

Everyone is entitled to a social and international order in which the rights and freedoms set forth in this Declaration can be fully realized.

Isigaba 29

  1. Wonke umuntu uneqhaza emphakathini okuwukuphela kwendawo lapho ukukhululeka nokuthuthuka kwakhe kungenzeka khona.
  2. Ekusebenziseni amalungelo nenkululeko yakhe, umuntu uyokwenza lokho okulinganiselwe njengokulawula komthetho, ngenhloso eyodwa yokuqinisekisa ukwamukelwa nenhlonipho yamalungelo nenkululeko yabanye abantu, futhi nokuhlangabezana nezidingo ezinobulungiswa nobuqotho, ukuqonda komphakathi kanye nezenhlalakahle jikelele emphakathini wentando yeningi.
  3. Lamalungelo nenkululeko akunakusetshenziswa ngokuphambana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe.

Article 29

  1. Everyone has duties to the community in which alone the free and full development of his personality is possible.

  2. In the exercise of his rights and freedoms, everyone shall be subject only to such limitations as are determined by law solely for the purpose of securing due recognition and respect for the rights and freedoms of others and of meeting the just requirements of morality, public order and the general welfare in a democratic society.


  3. These rights and freedoms may in no case be exercised contrary to the purposes and principles of the United Nations.

Isigaba 30

Akukho lutho okukuloluGunyazo okuyohunyushwa ngokuthi kuthi uMbuso mumbe, iqembu noma umuntu unelungelo lokwenza noma isiphi isenzo sokuthikameza noma imaphi amalungebo nenkululeko echazwe ngaphezulu.

Article 30

Nothing in this Declaration may be interpreted as implying for any State, group or person any right to engage in any activity or to perform any act aimed at the destruction of any of the rights and freedoms set forth herein.